Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
UGenesise 23:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wakhothama phambi kwabantu bezwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe. IsiZulu 2020 U-Abhrahama wayesekhothama phambi kwabantu balelo lizwe. |
Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;
Cha, nkosi yami, ngilalele; isiqephu sezwe ngiyakukunika lona, nomhume okuso ngiyakukunika wona; phambi kwamadodana abantu bami ngiyakunika lona; ngcwaba ofileyo wakho.
Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu bezwe, wathi: “Kepha uma uthanda ukukunika, ngilalele; ngiyakukunika imali yezwe; yithathe kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.
U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti.