U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
UGenesise 21:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 USara wathi: “UNkulunkulu ungenze ngahleka, ukuze bonke abakuzwayo bahleke nami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.” IsiZulu 2020 USara wathi: “UNkulunkulu ungijabulisile ngahleka, bonke abakuzwayo lokhu bazojabula kanye nami.” |
U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
Wenza umfazi oyinyumba agcine indlu futhi abe ngumama ojabulayo wabantwana. Dumisani uJehova.
Khona umlomo wethu wawugcwele ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
Owesifazane angamkhohlwa yini umntanakhe osancela, angayihawukeli indodana yesizalo sakhe? yebo, bangakhohlwa, kepha mina angiyikukukhohlwa wena.
Uzakuthi enhliziyweni yakho: Ngubani ongizalele lokhu, mina ngilahlekelwe ngabantwana bami, ngilahliwe, ngiyisibotshwa njalo ngizulazula? futhi ubani oveze lokhu? Bheka, ngisele ngedwa; laba, bebekuphi na?
Hlabelela wena nyumba, wena ongazalanga; jabula, umemeze, wena ongakhulelwanga, ngokuba abantwana boyincithakalo baningi kunabantwana bowendileyo,” usho uJehova.
Makaqalekiswe umuntu owabikela ubaba, ethi: “Uzalelwe indodana; amjabulise kakhulu.
Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye.
Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.
Wathi: “O nkosi yami, zonke izinsuku zomphefumulo wakho usaphila, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi nawe lapha, wakhuleka kuJehova.”