U-Abrahama wasuka lapho waya ezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neSuri, wagogobala eGerari.
UGenesise 21:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wahlala izinsuku eziningi njengomfokazi ezweni lamaFilisti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi. IsiZulu 2020 U-Abhrahama wagogobala izinsuku eziningi ezweni lamaFilisti. |
U-Abrahama wasuka lapho waya ezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neSuri, wagogobala eGerari.
U-Abrahama wabuyela ezincekwini zakhe, zasuka, zaya kanyekanye eBeri Sheba; u-Abrahama wahlala eBeri Sheba.
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.
Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba.
Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;