ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.
UGenesise 2:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho indoda izatshiya uyise lonina inamathele kumkayo, njalo bazakuba nyamanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye. IsiZulu 2020 Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye. |
ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.
Lalela, ndodakazi, ubeke indlebe, ubeke indlebe yakho; khohlwa abantu bakho nendlu kayihlo;
Umfazi olungileyo ungumqhele endodeni yakhe, kodwa onamahloni unjengokubola emathanjeni ayo.
Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.
Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho; kumelwe umkhonze, futhi kumelwe unamathele kuye ufunge igama lakhe.
Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu, yilowo nalowo kini niyaphila namuhla.
Ngakho-ke ngithanda ukuba abesifazane abasha bagane, bazale, baphathe umuzi, banganiki isitha ithuba lokuthuka.
Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.
UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; futhi babe ngabafazi bakhe bobabili.