UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.
UGenesise 2:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi uNkulunkulu yathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa; Ngizomenzela umsizi ozolingana naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.” IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.” |
UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.
U-Adamu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zonke zezulu, nezilwane zasendle; kepha u-Adamu akafunyanwanga umsizi onjengaye.
Wayesethi umuntu: “Owesifazane onginike yena ukuba abe nami, nguyena owangipha emthini, ngadla;
Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni;
Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.
Wayesethi uNawomi uninazala kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?