Kepha ngaphambi kokuba zilale, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, ahaqa indlu, amadala nabasha, bonke abantu nxazonke.
UGenesise 19:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Ngiyanincenga, bazalwane, ningayenzi into embi kanje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi: “Bafowethu, ningoni. IsiZulu 2020 Wathi: “Bakwethu! Musani ukwenza into embi kangaka. |
Kepha ngaphambi kokuba zilale, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, ahaqa indlu, amadala nabasha, bonke abantu nxazonke.
Bhekani, nginamadodakazi amabili engingaziwa muntu; ngiyakubakhiphela bona, ngenze kubo njengokuhle emehlweni enu; nje ungenzi lutho kulawa madoda; ngoba zeza ngaphansi komthunzi wophahla lwami.
“ ‘Uma indoda ilala nendoda, njengokuba ilala nowesifazane, bobabili benzile isinengiso; kufanele babulawe impela; igazi labo liyakuba phezu kwabo.
Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;
Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ekungcoleni, bahlazisane imizimba yabo phakathi kwabo;
Makungabikho sifebe phakathi kwamadodakazi akwa-Israyeli, futhi makungabikho sifebe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.
Indoda, umninindlu, yaphumela kubo, yathi kubo: “Qha, bazalwane bami, ningenzi okubi okungaka; bhekani ukuthi le ndoda ingene endlini yami, ningenzi lobu buwula.
UGayeli indodana ka-Ebhedi weza nabafowabo, baya eShekemi; abantu baseShekemi bamethemba.