Zase zimphuzisa uyise iwayini nangabo lobo busuku, encane yasuka yalala naye; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.
UGenesise 19:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho womabili amadodakazi kaLoti akhulelwa uyise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo amadodakazi kaLoti omabili akhuleliswa nguyise. IsiZulu 2020 ULothi wawakhulelisa omabili amadodakazi akhe. |
Zase zimphuzisa uyise iwayini nangabo lobo busuku, encane yasuka yalala naye; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.
Eyokuqala yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; unguyise wamaMowabi kuze kube namuhla.
Bhekani, nginamadodakazi amabili engingaziwa muntu; ngiyakubakhiphela bona, ngenze kubo njengokuhle emehlweni enu; nje ungenzi lutho kulawa madoda; ngoba zeza ngaphansi komthunzi wophahla lwami.
Maye kuye ophuzisa umakhelwane wakhe, ombekelayo imbodlela yakho, amdakise naye, ukuze ubone ubunqunu bakhe!
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.
Wayesethi u-Adoni-bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisithupha neshumi ayenquma izithupha noqukula abutha phansi kwetafula lami; njengoba ngenzile, kanjalo uNkulunkulu ungibuyisele. Basebemyisa eJerusalema, wafela khona.
USamuweli wasesithi: Njengalokhu inkemba yakho yenza abesifazana bangabi nabantwana, ngokunjalo unyoko uzakwaphucwa abantwana phakathi kwabesifazana. USamuweli wahlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.