Base bemphuzisa uyise iwayini ngalobo busuku; yangena izibulo, yalala noyise; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.
UGenesise 19:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngangomuso izibulo yathi kwencane: “Bheka, ngilele nobaba izolo ebusuku; masimphuzise iwayini ngalobu busuku; futhi ungene futhi ulale naye, ukuze silondoloze inzalo kababa wethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.” IsiZulu 2020 Ngakusasa indodakazi endala yathi kwencane: “Ngilalile nobaba izolo. Asimphuzise iwayini nanamhlanje bese wena ungena ulale naye, siphembe uzalo ngaye.” |
Base bemphuzisa uyise iwayini ngalobo busuku; yangena izibulo, yalala noyise; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.
Zase zimphuzisa uyise iwayini nangabo lobo busuku, encane yasuka yalala naye; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.
Ubuso babo bufakaza ngokumelene nabo; futhi bamemezela isono sabo njengeSodoma, abasifihli. Maye emphefumulweni wabo! ngoba baziphindiselela okubi.
Ngakho izihlambi zanqandwa, akubangakho mvula yamuva; futhi wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.
Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.
Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.
Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.