U-Abrahama washesha waya kuSara etendeni, wathi: “Sheshisa ulungise amaseya amathathu empuphu ecolekileyo, uyixove, wenze amaqebelengwane eziko.
UGenesise 18:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abhrahama wagijimela emhlambini, wathatha ithole elithambileyo nelihle, walinika ijaha; wayesekusheshisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa. IsiZulu 2020 U-Abhrahama wagijima waya emhlanjini, wafike wakhetha ithole elihle elinonophele, walinika inceku, yaphuthuma yalihlaba, yalilungisa. |
U-Abrahama washesha waya kuSara etendeni, wathi: “Sheshisa ulungise amaseya amathathu empuphu ecolekileyo, uyixove, wenze amaqebelengwane eziko.
Wathatha amabhotela, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwabo; wema nabo phansi kwesihlahla, badla.
Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.
elala emibhedeni yophondo lwendlovu, yelula emibhedeni yayo, idle amawundlu ezimvu namathole esibayeni;
Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.
Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile isidlo sami, izinkabi zami nokukhuluphalisiweyo sekuhlatshiwe, konke sekulungisiwe;
Wathi kuye: “Umfowenu ufikile; uyihlo uhlabile ithole elikhuluphalisiwe, ngokuba umamukele ephilile.
Kodwa kuthe ifika le ndodana yakho, edle ukudla kwakho lezifebe, uyihlabele ithole elikhuluphalisiweyo.
Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiwe endlini; washesha wayihlaba, wathatha ufulawa, wayixova, wabhaka isinkwa esingenamvubelo ngayo.