U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
UGenesise 18:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Ngingajabula yini lapho sengimdala, nenkosi yami isindala na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?” IsiZulu 2020 USara ekuzwa lokho wahleka usulu, wathi: “Kuzothi sengiguge nginje, nomyeni wami esemdala kangaka, siphinde sithokozisane na?” |
U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
INkosi yasisithi kuAbrahama: Kungani uSara ehleka esithi: Isibili ngizazala umntwana oseluphele?
Wathi: “Ngalesi sikhathi, ngokwesikhathi sokuphila, uyobe ugone umfana. Wathi: “Qha, nkosi yami, muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekwini yakho;
Khona umlomo wethu wawugcwele ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.
Owesifazane wafika ekuseni kakhulu, wawela phansi ngasemnyango wendlu yomuntu lapho inkosi yakhe yayikhona, kwaze kwasa.