UGenesise 17:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayeseyeka ukukhuluma naye, uNkulunkulu wakhuphuka esuka ku-Abrahama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama. IsiZulu 2020 UNkulunkulu eseqedile ukukhuluma no-Abhrahama, wenyuka, wamshiya. |
INkosi yasihamba indlela yayo, isiqedile ukukhuluma loAbrahama; uAbrahama wasebuyela endaweni yakhe.
UJehova wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile nina ukuthi ngikhulume kini ngisezulwini;
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini.
Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga eyayisesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwakhuphuka umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo. Ingelosi kaJehova yasuka ebusweni bakhe.