U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan.
UGenesise 17:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ozelwe endlini yakho nothengwa ngemali yakho makasokwe; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu njengesivumelwano esiphakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade. IsiZulu 2020 noma ngabe bazalelwe kwakho, noma bathengwe ngemali; mabasokwe. Lolu phawu alushaywe emizimbeni yenu lube yisivumelwano sami saphakade. |
U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan.
Wayesethi u-Abrama: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, ozelwe endlini yami uyakuba yindlalifa yami.”
Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.
Wozani simthengise kwabakwa-Ishmayeli, isandla sethu masingabi phezu kwakhe; ngokuba ungumfowethu nenyama yethu. Abafowabo basutha.
AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
Uthingo luyakuba sefwini; futhi ngizobheka kuso, ukuze ngicabange ngesivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izidalwa eziphilayo zayo yonke inyama esemhlabeni.
Kepha manje inyama yethu injengenyama yabafowethu, nabantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, siletha amadodana ethu namadodakazi ethu ebugqilini, namadodakazi ethu asevele enziwe izigqila; futhi akukho emandleni ethu ukubakhulula; ngoba abanye abantu balamasimu ethu lezivini zethu.
Ngasengisithi kubo: Sahlenga ngokwamandla ethu abazalwane bethu abaJuda, ababethengiswe kwabezizwe; futhi ningaze nidayise abafowenu na? noma bazothengiselwa thina? Bathula ke bangathola lutho lokuphendula.
Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.
Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; kanti kowesikhombisa kumelwe ahambe ngokukhululeka mahhala.
Uma inkosi yaso isinika umfazi, walizalela amadodana noma amadodakazi; umfazi nabantwana bakhe bayakuba nenkosi yakhe, yona iphume iyodwa.
Kodwa uma umpristi ethenga noma yimuphi umphefumulo ngemali yakhe, kumelwe adle kuyo kanye nalabo abazalelwa endlini yakhe; bayakudla inyama yakhe.
Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.