Wamisa inhliziyo yakhe ngokwethembeka phambi kwenu, wenza isivumelwano naye sokulinika izwe lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaJebusi, namaGirigashi, ukulinika inzalo yakhe, wagcwalisa amazwi akho; ngoba wena ulungile.
UGenesise 15:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wakholwa yiNkosi; wambalela lokho njengokulunga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga. IsiZulu 2020 U-Abhrama wakholwa ngokwashiwo nguSimakade, ngenxa yalokho uSimakade wakubalela kuye kwaba ngukulunga. |
Wamisa inhliziyo yakhe ngokwethembeka phambi kwenu, wenza isivumelwano naye sokulinika izwe lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaJebusi, namaGirigashi, ukulinika inzalo yakhe, wagcwalisa amazwi akho; ngoba wena ulungile.
Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo;
Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuphezu kwabasokileyo noma nakwabangasokile na? ngoba sithi: Ukukholwa kwabalelwa kuAbrahama ukuthi kungukulunga.
okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu.