Ukuqala kombuso wakhe kwakuyiBabele, ne-Ereki, ne-Akadi, neKaline ezweni laseShineyari.
UGenesise 11:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele; ngoba lapho uJehova wasanganisa ulimi lomhlaba wonke, futhi kusukela lapho uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke. IsiZulu 2020 Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke. |
Ukuqala kombuso wakhe kwakuyiBabele, ne-Ereki, ne-Akadi, neKaline ezweni laseShineyari.
Lawa angamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.
UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe umhlaba wahlukaniswa; igama lomfowabo lalinguJoketan.
Ngalokhu iziqhingi zabeZizwe zahlukaniselwa amazwe abo; yilowo nalowo ngokolimi lwakhe, ngemindeni yabo, ngokwezizwe zabo.
Chitha, Nkosi, uhlukanise izilimi zabo, ngokuba ngibonile ubudlova nokuxabana emzini.
Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;
Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bakhulume bonke ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?