UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe umhlaba wahlukaniswa; igama lomfowabo lalinguJoketan.
UGenesise 11:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesebahlakazela emhlabeni wonke besuka lapho, bayeka ukwakha umuzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi. IsiZulu 2020 USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi. |
UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe umhlaba wahlukaniswa; igama lomfowabo lalinguJoketan.
Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalokho izizwe zahlukaniswa emhlabeni emva kukazamcolo.
Ngalokhu iziqhingi zabeZizwe zahlukaniselwa amazwe abo; yilowo nalowo ngokolimi lwakhe, ngemindeni yabo, ngokwezizwe zabo.
Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.
Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele; ngoba lapho uJehova wasanganisa ulimi lomhlaba wonke, futhi kusukela lapho uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke.
Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli.
Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, ngokuba bheka, izitha zakho ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo.
Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.