UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti, indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe; basuka kanye nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bahlala khona.
UGenesise 11:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uSarayi wayeyinyumba; wayengenangane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USarayi wayeyinyumba, engenamntwana. IsiZulu 2020 USarayi wayeyinyumba, engenabantwana. |
UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti, indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe; basuka kanye nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bahlala khona.
U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.
Wenza umfazi oyinyumba agcine indlu futhi abe ngumama ojabulayo wabantwana. Dumisani uJehova.
Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.
Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali.
Yayinabafazi ababili; igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenamntwana.
Kodwa uHana wamnika isabelo esihle; ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wasivala isizalo sakhe.