UGenesise 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 amaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, IsiZulu 2020 nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi, |
Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.
UGadi wayesefika kuDavide ngalolo suku, wathi kuye: “Khuphuka, wakhele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”
Ngiyakususa igazi lakhe emlonyeni wakhe nezinengiso zakhe phakathi kwamazinyo akhe; kepha osele, yena uyakuba nguNkulunkulu wethu, abe njengombusi kwaJuda, ne-Ekroni njengomJebusi.
Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;
Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.