UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka.
UGenesise 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi: Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi mawuhlukanise amanzi nomkhathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.” IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.” |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka.
UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
Dumisani uJehova. Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wamandla akhe.
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Amazulu ashumayela inkazimulo kaNkulunkulu; nomkhathi ubonisa umsebenzi wezandla zakhe.
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.
Lapho amafu egcwele imvula, athululela emhlabeni; uma umuthi uwa ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho isihlahla uwe khona, siyakuba-khona.
Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba, nabakhileyo kuwo banjengesikhonyane; oweneka izulu njengesihenqo, waleneka njengetende lokuhlala;
Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.
Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, weneka izulu ngokuqonda kwakhe.
Isiprofetho sezwi likaJehova ku-Israyeli, usho uJehova, oweneka izulu, obeka izisekelo zomhlaba, abumbe kuye umoya womuntu.
Ngokuba lokhu abakwazi ngokuthanda kwabo, ukuthi amazulu ayekhona kwasendulo ngezwi likaNkulunkulu, nomhlaba umi emanzini nasemanzini.