Lona-ke umlando wamazulu nomhlaba ekudalweni kwakho nomuntu ensimini ngosuku uJehova uNkulunkulu akwenza ngalo.
UGenesise 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya. |
Lona-ke umlando wamazulu nomhlaba ekudalweni kwakho nomuntu ensimini ngosuku uJehova uNkulunkulu akwenza ngalo.
UNkulunkulu unguJehova owenza ukuba sibone ukukhanya; bopha umnikelo ngezintambo ezimpondweni ze-altare.
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.
Mina ngakha ukukhanya, ngidala ubumnyama; Ngenza ukuthula, ngidala ububi; Mina Jehova ngenza zonke lezi zinto.
Ilanga alisayikuba ngukukhanya kwakho emini; nenyanga ayiyikukukhanyisela, kepha uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe yinkazimulo yakho.
UJesu welula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Masinyane uchoko lwakhe lwahlambuluka.
Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.
Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;
Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
Yilo-ke umbiko esalizwa kuye, esinishumayeza wona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.