UEksodusi 9:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba; ngoba amathumba ayephezu kwezanusi laphezu kwawo wonke amaGibhithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba, ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe. IsiZulu 2020 Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe. |
Base bethatha umlotha waseziko, bema phambi kukaFaro; uMose wayifafazela ezulwini; kwaba yithumba eliqubuka nezikhothwa kubantu nasezinkomeni.
Kuyoba uthuli oluncane ezweni lonke laseGibhithe, kube yithumba eliqubuka nezikhothwayo kubantu nasezilwaneni ezweni lonke laseGibhithe.
Eyokuqala yahamba, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwasekuvela isilonda esibi esibuhlungu phezu kwabantu ababelophawu lwesilo, labo abakhonza umfanekiso waso.