Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathumela wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zakhe zonke; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha kwakungekho noyedwa ongamchazela uFaro.
UEksodusi 8:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izanusi zenza njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha azikwazanga; kwaba khona omiyane kubantu nasezilwaneni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni. IsiZulu 2020 Osomlingo ngemilingo yabo bazama ukuveza omiyane, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Omiyane bahlasela abantu nezilwane. |
Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathumela wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zakhe zonke; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha kwakungekho noyedwa ongamchazela uFaro.
Ababonananga, futhi izinsuku ezintathu akuvukanga muntu endaweni yakhe yokuhlala, kepha bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya ezindaweni zabo zokuhlala.
UFaro wayesebiza izazi nezanusi; nezanusi zaseGibithe zenza njalo ngemilingo yazo.
Ngokuba yilowo nalowo waphonsa induku yakhe, yaba yizinyoka, kepha induku ka-Aroni yadla izinduku zabo.
Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba; ngoba amathumba ayephezu kwezanusi laphezu kwawo wonke amaGibhithe.
Bangaphi? ziphi izihlakaniphi zakho na? mabakutshele manje, bazi ukuthi uJehova Sebawoti akunqumile ngeGibithe.
Zase zingena izanusi, nabahlola izinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho; kepha abangazisanga incazelo yako.
Khona-ke bonke abahlakaniphileyo benkosi bangena, kodwa babengakwazi ukuwufunda umbhalo, futhi abazange babonise incazelo yawo enkosini.