UEksodusi 6:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamagama amadodana kaLevi ngemindeni yawo; uGereshoni noKohati noMerari; iminyaka yokuphila kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa. IsiZulu 2020 Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137. |
UJakobe wahlala iminyaka eyishumi nesikhombisa ezweni laseGibithe; Iyonke iminyaka kaJakobe yaba yiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.
UJosefa wafa, eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.
UDavide wabahlukanisa ngezigaba phakathi kwamadodana kaLevi, oGereshoni, noKohati, noMerari.
Ayesesuka amaLevi, oMahati indodana ka-Amasayi, noJoweli indodana ka-Azariya emadodaneni amaKohati; emadodaneni kaMerari: nguKishi indodana ka-Abidi, no-Azariya indodana kaJehaleli kumaGereshoni; uJowa, indodana kaSima, no-Edene indodana kaJowa;
Amadodana kaKohati ngo u-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.
U-Amramu wathatha uJokebedi, udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
UKora, indodana kaJisihari, indodana kaKohati, indodana kaLevi, noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni, indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda.
Yilaba ababalwayo kumaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
Amadodana kaMerari ngemindeni yawo; UMahli noMusi. Lezi ziyizizukulwane zamaLevi ngemindeni yawo.
KwaGereshoni kwavela umndeni wakwaLibini nomndeni wakwaSimi; lezi ziyizizukulwane zamaGereshoni.
Inkatho yaphuma ezizukulwaneni zamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi, ababengamaLevi, ngeqashiso imizi eyishumi nantathu esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini.
Abantwana bakwaGereshoni babelwa imizi eyishumi nantathu emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasenxenyeni yesizwe sakwaManase eBashani.
esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,