Uthi, (kepha lawa ngamazwi ayize): Ngilamacebo lamandla okulwa. Pho nithemba bani ukuthi nihlubuke Kimi?
UEksodusi 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Makubekwe umsebenzi phezu kwamadoda, ukuze asebenze kuwo; futhi kabangalaleli amazwi ayize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mayenziwe ibe nzima imisebenzi phezu kwabantu, bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.” IsiZulu 2020 Mawenziwe nzima umsebenzi kubo yikhona bezonaka wona, bangawalaleli amazwi adukisayo.” |
Uthi, (kepha lawa ngamazwi ayize): Ngilamacebo lamandla okulwa. Pho nithemba bani ukuthi nihlubuke Kimi?
Zase ziphuma izikhulu zabantu nezinceku zazo, zakhuluma kubantu, zathi: “Usho kanje uFaro, uthi: Angiyikuninika utshani.
Futhi indaba yezitini abazenzile kuze kube manje, kumelwe ubeke phezu kwayo; aniyikunciphisa namunye kuzo, ngokuba bayavilapha; ngalokho bayabiza, bathi: ‘Masihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.’
U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona.
Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.
Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?
Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.