Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.
UEksodusi 5:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zase ziphuma izikhulu zabantu nezinceku zazo, zakhuluma kubantu, zathi: “Usho kanje uFaro, uthi: Angiyikuninika utshani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo, bakhuluma kubantu, bathi: “UFaro usho uthi: ‘Angisayikuninika utshani.’ IsiZulu 2020 Izinduna nabaphathi babantu baphuma, bathi kubantu: “Nakhu okushiwo nguFaro uthi: ‘Angizukuninika utshani.’ |
Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.
UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
Hamba ulande utshani bakho lapho ongabuthola khona; kodwa awukho umsebenzi wakho oyoncishiswa.
Makubekwe umsebenzi phezu kwamadoda, ukuze asebenze kuwo; futhi kabangalaleli amazwi ayize.
Isiprofetho ngezilwane zaseningizimu: ezweni lokuhlupheka nenkathazo, lapho kuvela khona ibhubesi lengonyama, inyoka nenyoka evuthayo, bayothwala imfuyo yabo emahlombe amazimbongolo nengcebo yabo phezu kolwandle. Imihlambi yamakamela, kubantu abangayi kubasiza ngalutho.