Ngabaphendula ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu nguyena oyakusiphumelelisa; ngakho-ke thina, zinceku zakhe, siyakusukuma sakhe; kodwa aninasabelo nalungelo nasikhumbuzo eJerusalema.
UEksodusi 39:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wawabeka ezizibeni zamahlombe e-efodi, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova emyalile uMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose. IsiZulu 2020 Bawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, ukuze abe ngamatshe esikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. |
Ngabaphendula ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu nguyena oyakusiphumelelisa; ngakho-ke thina, zinceku zakhe, siyakusukuma sakhe; kodwa aninasabelo nalungelo nasikhumbuzo eJerusalema.
Kumelwe ubeke amatshe amabili emahlombe endwangu yamahlombe abe amatshe esikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni kumelwe athwale amagama abo phambi kukaJehova emahlombe akhe omabili abe yisikhumbuzo.
U-Aroni kumelwe athwale amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe lapho engena endaweni engcwele ukuba akhumbule njalo phambi kukaJehova.
Kumelwe ibe nezizinda ezimbili zamahlombe zihlanganiswe emaceleni ayo omabili; futhi kanjalo izohlanganiswa.
Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye.
Niyakuthi kubo: Amanzi aseJordani anqamukile phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwayo iJordani, amanzi aseJordani anqamuka, lawa matshe abe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.