UEksodusi 32:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nombhalo wawungumbhalo kaNkulunkulu, uqoshwe ezibhebheni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni. IsiZulu 2020 Izibhebhe lezo zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nombhalo, ubhalwe nguNkulunkulu, wawuqopha ezibhebheni zamatshe. |
Ngemva kokuba eseqedile ukukhuluma naye entabeni yaseSinayi wamnika uMose izibhebhe ezimbili zobufakazi, izibhebhe zamatshe ezilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu.
UMose waphenduka wehla entabeni, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sakhe; amatafula ayechazwe nhlangothi zombili; kulotshiwe ngalapha nangalapha.
Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona impi ekamu.
UJehova wayesethi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula.
Waqopha izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; UMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhwela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile, waphatha esandleni sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.
njengokuba nibonakalisiwe ukuthi niyincwadi kaKristu esiyikhonzayo, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo; hhayi ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni zenhliziyo zenyama.
Kepha uma inkonzo yokufa, ilotshiwe, iqoshwe ematsheni, yayinenkazimulo, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli babengenakububheka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; okuyinkazimulo eyayizakuqedwa;
Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.
Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo, izibhebhe zombili zesivumelwano zisesandleni sami sobabili.
Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi; Ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.