UEksodusi 30:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uzenze izinti ngomuthi womtholo, uzimboze ngegolide. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide. IsiZulu 2020 Uyokwenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngegolide. |
Amasongo ayakuba maqondana nomkhawulo, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula.
Ulenzele amasongo amabili egolide ngaphansi komqhele walo, emagumbini alo omabili; ulenze ezinhlangothini zalo ezimbili; futhi kumelwe kube yindawo yezinti zokulithwalela kuyo.
Kumelwe usibeke phansi phambi kwesihenqo esiseduze komphongolo wobufakazi, phambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyohlangana khona nawe.