Kumelwe wenze izinti ngokhuni lomtholo uzimboze ngegolide, ukuze itafula lithwalwe ngazo.
UEksodusi 27:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izinti kumelwe zifakwe emasongweni, futhi izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare ukuze lithwalwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni, izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare, nxa lithwalwa. IsiZulu 2020 Izingongolo ziyofakwa emasongweni, ukuze zibe sezinhlangothini zombili ze-althare, uma lithwelwe. |
Kumelwe wenze izinti ngokhuni lomtholo uzimboze ngegolide, ukuze itafula lithwalwe ngazo.
Ulenzele amasongo amabili egolide ngaphansi komqhele walo, emagumbini alo omabili; ulenze ezinhlangothini zalo ezimbili; futhi kumelwe kube yindawo yezinti zokulithwalela kuyo.
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.