Ngokuba uyangithukusa etendeni lakhe ngesikhathi sokuhlupheka; uyangithukusa endaweni yokucasha yetende lakhe; Uzongimisa phezu kwedwala.
UEksodusi 26:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ulenzele itende isifulelo ngezikhumba zezinqama ezidaywe zaba bomvu, nesifulelo sesikhumba samatahasi phezulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi uyakwenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi* ngaphezulu. IsiZulu 2020 Ithende uyolenzela isembozo ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, nesembozo sangaphandle ngezikhumba zamahlengethwa. |
Ngokuba uyangithukusa etendeni lakhe ngesikhathi sokuhlupheka; uyangithukusa endaweni yokucasha yetende lakhe; Uzongimisa phezu kwedwala.
Ingalo ngalapha nengalo ngalapha kokuseleyo kwezindwangu zetende, ilenga emaceleni etabernakele ngapha nangapha, ukuze lilisibekele.
Bonke abantu abatholakala kubo izindwangu ezibubende, eziyibubende, ezibomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bembuzi, nezikhumba zezimvu ezibomvu, nezikhumba zamatahasi, baziletha.
Walenzela itende isifulelo ngezikhumba zezinqama ezidaywe babomvu, nesifulelo sezikhumba zamatahasi phezu kwaso.
nesembozo sezikhumba zamanqama ezidaywe zaba bomvu, nesembozo sezikhumba zamatahasi, nesihenqo sengubo;
Ngokuba wawuyinqaba kompofu, inqaba kompofu ekuhluphekeni kwakhe, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekushiseni, lapho ukuphefumula kwabanamandla kufana nesiphepho odongeni.
Futhi kuyoba khona itabernakele njengesithunzi emini ngokumelene nokushisa nendawo yokukhosela nendawo yokucashela isiphepho nasemvuleni.
Ngakugqokisa izinto ezilukiweyo, ngakugqokisa izicathulo zezikhumba zamatahasi, ngakubhincisa ilineni elicolekileyo, ngakumboza ngosilika.
Bazakubeka kanye nazo zonke izinto zaso eyisibekelelo sezikhumba zamatahasi, bakubeke phezu kodondolo.
Bayakuthwala izindwangu zetabernakele, netende lokuhlangana, nesembozo salo, nesembozo sezikhumba eziphezu kwalo, nesifulelo somnyango wetende lokuhlangana,
Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumelwe beze, bakhumule isembozo bamboze umphongolo wobufakazi ngaso.