UEksodusi 24:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa wabiza uMose efwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose. IsiZulu 2020 Inkazimulo kaSimakade yahlala entabeni iSinayi, ifu layisibekela intaba izinsuku eziyisithupha; kwathi ngosuku lwesikhombisa uSimakade esefini, wambiza uMose. |
U-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane, bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.
Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.
INkosi yasisithi kuMozisi: Khangela, ngiza kuwe ngiseyezini elinzima, ukuze abantu bezwe, lapho ngikhuluma kuwe, bakholwe kuwe kuze kube nininini. UMose wakhuluma amazwi abantu kuJehova.
Kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha leNkosi uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho noma indodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho okuwe. Amasango:
Umbono wenkazimulo kaJehova wawunjengomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.
Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha.
Njengokubonakala kothingo olusefwini ngosuku lwemvula, kwakunjalo ukubonakala kokukhanya nxazonke. Lokhu kwakungukubonakala komfanekiso wenkazimulo kaJehova. Ngathi ngibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.
OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, baphuma, babusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.
Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova aniyale ngayo ukuba niyenze: futhi inkazimulo yeNkosi izobonakala kini.
Kodwa ibandla lonke lalaya ukuthi bakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana phambi kwabo bonke abantwana bakwa-Israyeli.
Inhlangano yababuthanela oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lasibekela, nenkazimulo yeNkosi yabonakala.
Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;