Basebekhuluma kuye bathi: Uba lamuhla uzakuba yinceku yalababantu, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bazakuba yizinceku zakho kuze kube nininini.
UEksodusi 21:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yaso iyakusiletha kubahluleli; amlethe ngasemnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso iyakuyibhoboza indlebe yaso ngosungulo; futhi uyomkhonza kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade. IsiZulu 2020 umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke. |
Basebekhuluma kuye bathi: Uba lamuhla uzakuba yinceku yalababantu, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bazakuba yizinceku zakho kuze kube nininini.
Ihubo lika-Asafa. UNkulunkulu umi emhlanganweni wamaqhawe; uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.
Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.
Uma amadoda exabana, alimaze owesifazane okhulelweyo, size siphume kuye, nokho kungaveli lutho olubi; futhi uyakukhokha njengokunquma kwabahluleli.
Uma inceku isho nokusho ukuthi: ‘Ngithanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami; Ngeke ngiphume ngikhululekile.
Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe ukuba ibe yisigqila, ayiyikuphuma njengezigqila.
Ngiyakubuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni, nabeluleki bakho njengasekuqaleni; emva kwalokho uyakubizwa ngokuthi: Umuzi wokulunga, umuzi othembekileyo.
Izwe aliyikuthengiswa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami; ngoba ningabafokazi nezihambi kanye nami.
Kodwa njengesisebenzi sosuku nanjengomfokazi kumelwe abe kuwe futhi akukhonze kuze kube unyaka wejubili.
Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.
Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi ngathi: ‘Zwanini amacala phakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulunga phakathi kwalowo nalowo nomfowabo nomfokazi okuye.
Futhi uma ethi kini: Kangiyikunishiya; ngoba uyakuthanda wena nendlu yakho, ngoba izinto zikuhambela kahle;
Uthathe usungulo, ulubhoboze endlebeni yakhe ngasemnyango, abe yinceku yakho kuze kube phakade. Wenze njalo nangencekukazi yakho.
Uzikhethele abahluleli nababonisi kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho; futhi bayokwahlulela abantu ngokwahlulela okulungileyo.
Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”
U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.
UDavida wasesithi kuAgisi: Uzakwazi lokukwazi ukuthi inceku yakho izakwenzani. Wayesethi u-Agi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi phezu kwekhanda lami kuze kube phakade.