Lowo ongaphindiseli ngolimi lwakhe, angalimazi umakhelwane wakhe, angamhlambalazi umakhelwane wakhe.
UEksodusi 20:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho. IsiZulu 2020 Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho. |
Lowo ongaphindiseli ngolimi lwakhe, angalimazi umakhelwane wakhe, angamhlambalazi umakhelwane wakhe.
Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.
Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe uyisambatho nenkemba nomcibisholo obukhali.
Ungahlebi phakathi kwabantu bakini, ungamelani legazi lomakhelwane wakho; nginguJehova.
Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.
Wathi kuye: Yiphi? UJesu wathi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;
Namasosha ambuza, ethi: “Thina-ke siyakwenzani na? Wasesithi kubo: Lingaphambanisi muntu, lingaqambi amanga; neneliswe yinkokhelo yenu.
Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho;
Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi.
Izifebe, labazingcolisa kanye labantu, amasela abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, njalo uba kukhona okunye okuphambana lemfundiso ephilileyo;
ngaphandle kokuthanda imvelo, abaphula isivumelwano, abahlebi, abangafuni ukuzithiba, abanolaka, abadeleli abalungileyo,
Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;