UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
UEksodusi 20:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa. IsiZulu 2020 ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele. |
UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.
Lokhu kuyisibonakaliso phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, futhi ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.
Ngalolo suku ngiyakunquma izwe laseGosheni abantu bami abahlala kulo, kungabikho izibawu; kuze kube sekupheleni niyakwazi ukuthi nginguJehova enkabeni yomhlaba.
UMozisi wasesithi kuye: Nxa ngiphuma emzini, ngizakwelulela izandla zami eNkosini; nokuduma kuyonqamuka, nesichotho ngeke sisaba khona; ukuze nazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha nodumo lwakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo; iziqhingi nabakhileyo kuzo.
Isandla sami sasekela umhlaba, esokunene sami seneka amazulu; uma ngibabiza basukuma kanyekanye.
Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.
Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.
Kwathi sebezwile baphakamisa ilizwi labo kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Nkosi, wena unguNkulunkulu owenzile izulu lomhlaba, lolwandle, lakho konke okukukho;
Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.
Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke;
Wafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu, nokukhona, nomhlaba, nezinto ezikuwo, nolwandle, nokukhona kukho, ukuthi akuyikubakho isikhathi eside: