Ngingumfokazi nomfokazi kini; nginike indawo yethuna kuwe, ukuze ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami.
UEksodusi 2:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wamzalela indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu, ngokuba wathi: “Ngangingowezizwe ezweni labezizwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.” IsiZulu 2020 Wazala indodana wayibiza ngokuthi nguGereshomu, ngokuba ethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe.” |
Ngingumfokazi nomfokazi kini; nginike indawo yethuna kuwe, ukuze ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami.
Bahamba besuka kwesinye isizwe besiya kwesinye, besuka kulo mbuso besiya kwesinye isizwe;
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.
Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba.
Wakhula umntwana, wamyisa endodakazini kaFaro, waba yindodana yayo. Wambiza uMose, wathi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.”
Aniyikumthukuthelisa umfokazi, ningamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe, wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe; uMose waphatha intonga kaNkulunkulu esandleni sakhe.
Izwe aliyikuthengiswa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami; ngoba ningabafokazi nezihambi kanye nami.
Ngalelo zwi uMose wabaleka, waba ngowezizwe ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.
Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani, indodana kaGereshomu, indodana kaManase, yena namadodana akhe baba ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwafika usuku lokuthunjwa kwezwe.
Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”