Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.
UEksodusi 18:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJetiro, umukhwe kaMose, weza namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho ayemise khona entabeni kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu. IsiZulu 2020 UJethro, umukhwe kaMose, wafika ehlane lapho uMose ayekanise khona entabeni kaNkulunkulu, nomkaMose namadodana akhe. |
Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.
Wathi kuMose: “Mina, uyihlozala, uJetiro, ngizé kuwe, nomkakho namadodana akhe amabili enaye.
Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.
Basuka eRefidimi, bafika ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wamisa lapho phambi kwentaba.
UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.
Khona-ke uMose nenceku yakhe uJoshuwa basukuma, futhi uMose wakhuphuka entabeni kaNkulunkulu.
UMose wayeselusa umhlambi kaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; wahola umhlambi emva kwehlane, wafika entabeni kaNkulunkulu kuze kufike eHorebe.
Wathi: “Impela ngiyakuba nawe; lokhu kuyoba yisibonakaliso kuwe sokuthi ngikuthumile: Uma uhole abantu eGibhithe, kumelwe nikhonze uNkulunkulu kule ntaba.
UJehova wathi ku-Aroni: “Hamba uyohlangabeza uMose ehlane. Wasuka wamhlangabeza entabeni kaNkulunkulu, wamanga.