Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
UEksodusi 17:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Amaleki weza walwa no-Israyeli eRafidimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kufika u-Amaleki, walwa no-Israyeli eRefidimi. IsiZulu 2020 Ama-Amaleki aphuma alwa nabakwa-Israyeli eRefidimi. |
Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wazala u-Elifazi u-Amaleki. Lawa angamadodana ka-Ada umka-Esawu.
nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; lezi zizikhulu ezaphuma ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; labo babe ngamadodana ka-Ada.
Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Ama-Amaleki ahlala ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni, namaKhanani ahlala ngaselwandle ngasogwini lweJordani.
Futhi lapho ebona u-Amaleki, waphakamisa isimo sakhe futhi wathi: U-Amaleki wayengowokuqala wezizwe; kodwa ukuphela kwakhe kuyakuba ngukubhubha kwakhe kuze kube phakade.
Lapho u-Israyeli ehlwanyela, amaMidiyani akhuphuka, nama-Amaleki, nabantwana basempumalanga, bakhuphukela kubo;
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngikhumbula lokho u-Amaleki akwenza ku-Israyeli, ukuthi wamlinda endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe.
UDavide nabantu bakhe benyuka, bawahlasela amaGeshuri, namaGesri, nama-Amaleki; ngoba lezo zizwe zazingabakhileyo bezwe kusukela kudala lapho ufika eShuri kuze kube sezweni laseGibhithe.
Kwathi uDavida labantu bakhe befika eZikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ahlasela eningizimu leZikilagi, anqoba iZikilagi, ayitshisa ngomlilo;