UEksodusi 17:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesethi kuMose: “Phuma phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli nawe; nentonga yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe esandleni sakho, uhambe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuMose: “Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe. IsiZulu 2020 USimakade wathi kuMose: “Hamba phambi kwabantu, uthathe amanye amalunga akwa-Israyeli, nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe. |
Kepha wena phakamisa udondolo lwakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, uluhlukanise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badabule ulwandle emhlabathini owomileyo.
Hamba, ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: INkosi, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, ka-Isaka, noJakobe, ibonakele kimi, yathi: Nginihambele, ngabona okwenziwa kini. EGibhithe:
Kumelwe ufike, wena namadoda amadala akwa-Israyeli, enkosini yaseGibhithe, nithi kuyo: ‘INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, isihlangabeze; manje masihambe, uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.
Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.