Hoshani umkhonto, nivimbe indlela kwabangizingelayo; uthi emphefumulweni wami: Mina ngiyinsindiso yakho.
UEksodusi 17:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa izandla zikaMose zazinzima; bathatha itshe, balibeka phansi kwakhe, wahlala phezu kwalo; o-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye ngalapha, omunye engalapha; izandla zakhe zaziqinile laze lashona ilanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa izandla zikaMose zaba nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga. IsiZulu 2020 Kodwa izandla zikaMose zase zikhathele, ngakho-ke bathatha itshe balibeka phansi kwakhe, wahlala kulo. U-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye kuleli cala nomunye kwelinye icala, izandla zama kanjalo ziqinile laze lashona ilanga. |
Hoshani umkhonto, nivimbe indlela kwabangizingelayo; uthi emphefumulweni wami: Mina ngiyinsindiso yakho.
Lapho uMose ephakamisa isandla sakhe, u-Israyeli wahlula; lapho esehlisa, u-Amaleki wahlula.
Wathi kumalunga: “Hlalani lapha ngenxa yethu, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; uma umuntu enento yokwenza, makeze kubo.
Nani nisiza kanye nathi ngokusikhulekela, ukuze isipho esisiphiwe thina ngabantu abaningi sibongwe ngabaningi ngenxa yethu.
ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,
Kodwa kacele ekholweni engangabazi lutho. Ngokuba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya linyakaziswa.
UJoshuwa akasibuyisanga isandla sakhe ayewelule ngaso umkhonto, waze wababulala bonke abakhileyo e-Ayi ngesiqalekiso.