UEksodusi 17:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wenza njengalokho uMose emyalile, walwa no-Amaleki; oMose, no-Aroni, noHure bakhuphukela esiqongweni sentaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wenze njalo, njengalokho uMose eshilo kuye, walwa no-Amaleki; oMose, no-Aroni, noHure bakhuphukela esiqongweni sentaba. IsiZulu 2020 UJoshuwa wenza njengalokhu uMose eshilo kuye, walwa nama-Amaleki, ngesikhathi uMose, u-Aroni, noHure bekhuphukela esiqongweni sentaba. |
Lapho uMose ephakamisa isandla sakhe, u-Israyeli wahlula; lapho esehlisa, u-Amaleki wahlula.
Kodwa izandla zikaMose zazinzima; bathatha itshe, balibeka phansi kwakhe, wahlala phezu kwalo; o-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye ngalapha, omunye engalapha; izandla zakhe zaziqinile laze lashona ilanga.
Wathi kumalunga: “Hlalani lapha ngenxa yethu, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; uma umuntu enento yokwenza, makeze kubo.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Njengalokho uJehova emyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa, wenze njalo uJoshuwa; akenzanga lutho uJehova ayemyale ngalo uMose.