UEksodusi 16:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane, bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini. IsiZulu 2020 Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini. |
Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova; ngoba uyezwa ukukhonona kwenu ngoJehova. Thina siyini ukuthi nikhonone ngathi?
Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa wabiza uMose efwini.
OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, baphuma, babusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.
Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova aniyale ngayo ukuba niyenze: futhi inkazimulo yeNkosi izobonakala kini.
Kodwa ibandla lonke lalaya ukuthi bakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana phambi kwabo bonke abantwana bakwa-Israyeli.
UKora wabutha ibandla lonke ngokumelene nabo ngasemnyango wetende lokuhlangana, futhi inkazimulo yeNkosi yabonakala kuyo yonke inhlangano.
Inhlangano yababuthanela oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lasibekela, nenkazimulo yeNkosi yabonakala.
Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.