UEksodusi 12:42 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuwubusuku okumelwe bugcinelwe uJehova, ngokuba wabakhipha ezweni laseGibithe; kungubusuku bukaJehova okumelwe bugcinwe kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo. IsiZulu 2020 Kwakungubusuku bomlindo uSimakade abakhipha ngabo eGibhithe. Ngalobo busuku abakwa-Israyeli bayogcina umlindelo kaSimakade izizukulwane ngezizukulwane. |
Lolu suku luyakuba yisikhumbuzo kini; futhi kumelwe niligubhele uJehova ezizukulwaneni zenu; uyakuwugcina kuze kube phakade njengesimiso.
Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.
Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi senyanga ka-Abibi; ngoba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibhithe.