Futhi ngokuba ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, wabenzela izindlu.
Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.
Ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu wabapha nabo imindeni.
Uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ezindleleni zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho enzile uDavide inceku yami; ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile, njengalokho ngakwakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.
Manje, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangihlalisa esihlalweni sobukhosi sikababa uDavide, wangenzela indlu njengokuthembisa kwakhe, namuhla u-Adoniya uyakubulawa.
Dumisani uJehova. Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza ngemithetho yakhe.
IsiHlabelelo SeziHlabelelo. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engawulindi umuzi, umlindi uphaphamela ize.
Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.
Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa.
Kepha ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho inkosi yaseGibithe yayibayalile, bazala abafana.
Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha; nangokuqonda kuyaqiniswa;
Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo;
Hamba uye endlini yamaRekabi, ukhulume nawo, uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo, uwaphuzise iwayini.
Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.
Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho.