Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.
UDuteronomi 9:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho; ngoba ningabantu abanenkani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni. IsiZulu 2020 Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni. |
Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.
Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.
INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibabonile lababantu; khangela, bangabantu abanenkani.
Ezweni elivame ubisi nezinyosi, ngokuba angiyikukhuphukela phakathi kwenu; ngokuba niyisizwe esintamo-lukhuni, funa nginiqede endleleni.
Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.
Ngoba bangabantwana abaxhwalileyo lenhliziyo elukhuni. Ngiyakuthuma kubo; uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova.
Niyakwazi ukuthi nginguJehova, uma ngenzile kini ngenxa yegama lami, kungengokwezindlela zenu ezimbi nangokwezenzo zenu ezonakeleyo nina ndlu ka-Israyeli, isho iNkosi uJehova.
Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi; Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilingcolisile phakathi kwezizwe eniye kuzo.
Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele;
Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;
Ngokuba ngiyabazi ubulukhuni bakho nentamo yakho elukhuni; bhekani, ngisekhona nani namuhla nihlubukile kuJehova; Kakhulu kangakanani emva kokufa kwami?
Futhi uJehova wakhuluma kimi, wathi: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abanenkani.