Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 9:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ungakhulumi enhliziyweni yakho emva kokuba uJehova uNkulunkulu wakho ebaxoshile phambi kwakho ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova wangingenisa ukuba ngilidle leli zwe, kodwa ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova waziletha. Ngaphandle kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 9:4
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.


Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi; Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilingcolisile phakathi kwezizwe eniye kuzo.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, usho uJehova, makwazeke kini; yibani namahloni, nibe namahloni ngezindlela zenu nina ndlu ka-Israyeli.


Njengokwezenzo zezwe laseGibithe enahlala kulo, aniyikwenza; futhi ningenzi njengokwenza kwezwe laseKhanani enginiyisa kulo; futhi aniyikuhamba ngezimiso zabo.


Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;


Uma kungomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. Kepha uma kuya ngemisebenzi, akuseyiwo umusa; uma kungenjalo umsebenzi awusewumsebenzi.


Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.


Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na?


Aniyikwenza lokhu kuJehova uNkulunkulu wenu; ngokuba zonke izinengiso kuJehova azizondayo zenzile konkulunkulu bazo; ngoba ngisho namadodana abo namadodakazi abo babashisa ngomlilo konkulunkulu babo.


Ngokuba ngiyabazi ubulukhuni bakho nentamo yakho elukhuni; bhekani, ngisekhona nani namuhla nihlubukile kuJehova; Kakhulu kangakanani emva kokufa kwami?


Futhi uthi enhliziyweni yakho: Amandla ami namandla esandla sami kungizuzele le ngcebo.


Lina lihlubukile eNkosini kusukela osukwini engalazi ngalo.


Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova.


Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.