ukuze bakwesabe, bahambe ezindleleni zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika obaba.
UDuteronomi 8:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. IsiZulu 2020 “Uyoyigcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokuba umesabe. |
ukuze bakwesabe, bahambe ezindleleni zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika obaba.
Futhi kumelwe ubafundise izimiso nemithetho futhi ubabonise indlela okufanele bahambe ngayo nomsebenzi okufanele bawenze.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.
O, uma kwakukhona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine yonke imiyalo yami kuze kube phakade, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade!
Kumelwe nihambe ngazo zonke izindlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngazo, ukuze niphile, niphumelele futhi nibe nezinsuku eziningi ezweni eniyakulidla.
Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukungenisa ezweni elihle, izwe lemifudlana yamanzi, nemithombo, nezitwa eziphuma ezigodini nasemagqumeni;
Kuphela yesabani uJehova, nimkhonze ngeqiniso ngayo yonke inhliziyo yenu; ngoba bhekani izinto ezinkulu anenzele zona.