Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 8:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho usudlile usuthe, kumelwe udumise uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 8:10
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kodwa ngingubani mina, futhi bayini abantu bami, ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka? ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela kokwaKho sikunike wena.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yomusa wayo.


Dumisa uJehova ngempahla yakho nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.


Manje sengizahlabelela othandiweyo wami ingoma yothandiweyo wami mayelana nesivini sakhe. Othandiweyo wami unesivini egqumeni elivundile.


Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.


(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)


Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Ngokuba uma ngibangenisa ezweni engalifungela oyise ngesifungo, elivame ubisi nezinyosi; bayakudla, basuthe, bakhuluphale; bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangigcone, bephule isivumelwano Sami.


Izwe lapho uyakudla khona ungenayo isinkwa, awuyikuswelakala kulo; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nezintaba zalo ningamba ithusi.


Kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.