Bheka, ngenze njengokwamazwi akho; bheka, ngikunike inhliziyo ehlakaniphileyo neqondayo; ukuze kakho onjengawe ngaphambi kwakho, langemva kwakho kakuyikuvela onjengawe.
UDuteronomi 34:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose. IsiZulu 2020 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. |
Bheka, ngenze njengokwamazwi akho; bheka, ngikunike inhliziyo ehlakaniphileyo neqondayo; ukuze kakho onjengawe ngaphambi kwakho, langemva kwakho kakuyikuvela onjengawe.
Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu?
Kwathi amadodana abaprofethi ababezakumbona eJeriko embona athi: Umoya kaElija uhlezi phezu kukaElisha. Bamhlangabeza, bakhothama emhlabathini phambi kwakhe.
Kwathi sebedabula, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engizakukwenzela khona ngaphambi kokuba ngisuswe kuwe.” U-Elisha wathi: “Izingxenye ezimbili zomoya wakho mazibe phezu kwami.”
USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova njengenkosi esikhundleni sikaDavide uyise, waba nenhlanhla; wonke u-Israyeli wamlalela.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
Ukhulume nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha, ukuba benze izingubo zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze njengobupristi.
Ngamgcwalisa ngomoya kaNkulunkulu, ekuhlakanipheni, nasekuqondeni, nangokwazi, nangobungcweti bonke;
UMoya kaJehova uyakuba phezu kwakhe, uMoya wokuhlakanipha nowokuqonda, uMoya weseluleko nowamandla, uMoya wokwazi nowokumesaba uJehova;
Khona-ke lo Daniyeli wakhethwa ngaphezu kwabongameli nezikhulu, ngoba umoya omuhle kakhulu wawukuye; inkosi yacabanga ukummisa phezu kombuso wonke.
Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.
Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.
Ungasideleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngesiprofetho ngokubekwa izandla zabadala.
Ungasheshi ubeke izandla phezu komuntu, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine uhlanzekile.