Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.
UDuteronomi 33:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wasiyala umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe. IsiZulu 2020 UMose wasinika umthetho, waba yifa lenhlangano kaJakobe. |
Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.
Lezi ziyizimiso nezahlulelo nemithetho uJehova ayenza phakathi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngenkonzo kaMose.
UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na?
Aniyikwengeza lutho ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikuthatha lutho kulo, ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.