UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela le ntaba yase-Abarimi, ubheke izwe engilinike abantwana bakwa-Israyeli.
UDuteronomi 32:52 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uzalibona ilizwe phambi kwakho; kepha awuyikungena khona ezweni engilinika abantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.” IsiZulu 2020 Uyakulibona izwe phambi kwakho, kodwa awuyukungena kulo, izwe engibanika lona abantu bakwa-Israyeli.” |
UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela le ntaba yase-Abarimi, ubheke izwe engilinike abantwana bakwa-Israyeli.
Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.
Khuphukelani le ntaba yase-Abarimi entabeni yaseNebo esezweni lakwaMowabi ebhekene neJeriko; futhi ubheke izwe laseKhanani engilinika abantwana bakwa-Israyeli njengefa.
Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.