UMose weza wakhuluma onke amazwi ale ngoma ezindlebeni zabantu, yena noHoseya, indodana kaNuni.
UDuteronomi 32:45 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose waqeda ukukhuluma onke lawa mazwi ku-Israyeli wonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli IsiZulu 2020 UMose eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli, |
UMose weza wakhuluma onke amazwi ale ngoma ezindlebeni zabantu, yena noHoseya, indodana kaNuni.
Wathi kubo: “Bekani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwafakazayo phakathi kwenu namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho.